Latest Notice

GEPF is 110.1% funded

ISAZISO NGOKUTHIKAMEZEKA KWEZOKUPHEPHA KWEMINININGWANE YABANTU ESILAWULWA ISIGABA 22 SOMTHETHO I-POPIA 4 KA-2013

3 min read

UPHIKO olubhekele ukuhlelwa nokuklanywa kwezimpesheni iGovernment Pensions Administration Agency (GPAA) lwabhekana nenkinga yokukhwabanisa ngoFebhuwari 16 wangonyaka odlule lapho izigilamkhuba zizame imizamo yokungena kwi-system yeGPAA ngenhloso yokukhwabanisa imali. Uphenyo ngaleso sigameko lwathola ukuthi kunokwenzeka ukuthi kukhona okungase kube wukuthi konakele kwi-system ngenxa yalokho, njengoba kubonakale ukuthi bakwazi ukungena futhi bathola imininingwane yabantu abathile eyimhlo. Ababhekele imininingwane yabantu kulolu phiko baziswa ngela nkinga ngoMashi 20 wango-2024, futhi kwabikwa nasezinhlakeni ezahlukene ezifanele kubalwa ne-Information Regulator ukuthi iqhubeke nokuphenya. Ilinganiselwa ku-168 000 imininingwane yabantu eyahlolwa ukubheka ukuthi ayibanga yini ohlwini lwalezo ezathikanyezwa wubugebengu. Imininingwane yalaba abathintekayo ibandakanya amagama, izibongo, yizinombolo zomazisi, izinombolo zempensheni, izinombolo zomsebenzi, ubulili, imininingwane yasebhange, nezinombolo zentela. Ukungena kwezigebengu kule mininingwane kungaholela ekutheni zikwazi ukusebenzisa kabi ezikutholayo. Siyaxolisa ngomthelela walokho futhi siyaqinisekisa ukuthi zikhona izinyathelo ezifanele ezithathwayo ukuqinisekisa ukuthi i-system nakho konke okukuyona kuphephile futhi kuvikelekile kunoma yini ehlelwa yizigebengu. Ukusiza ukugwema izimo ezinjena ngokuzayo, sinxusa ukuthi ulandele lamathiphu okuphepha:


1. Qaphela ukuthi wubani ocela imininingwane yakho eyimhlo bese uphendula imibuzo uma kunesidingo kuphela.
2. Unganikezeli kumuntu ngenombolo yakho yase bhange noma yezinhlelo ezinjena eyimhlo kubantu ngocingo, yi-fax, ngemiyalezo yocingo, ezinkundleni zokuxhumana, kwiWhatsApp noma nge-email.
3. Yenza ukuthi izinombolo zakho eziyimihlo zehluke, zingabi yinto eyodwa kuma-akhawunti akho, futhi uhlale wedlulisa isikhashana, bese uyazishintsha.
4. Faka i-software esiza ukuvikela amagciwane aset shenziswa yizigebengu ukulutha nokuqola abantu kumaselula noma kwikhompyutha yakho.

5. Gwema ukungena kuma-link asolisayo nongawazi nemiyalezo ongayejwayele.
6. Qapha konke okwenzeka kwi-akhawunti yakho yasebhange, bese uyabika uma kukhona okusoli sayo okubonayo.
I-GEPF isiqinisekise ukuthi uhlelo lwalobu buchwepheshe selubuyekeziwe futhi kwaqiniswa ezokuphepha kulona ukuze kungabi lula ukugcwaneka kwezigilamkhuba. Ukubuyekeza lokho kubandakanya ukuqinisa ezokuphepha ukuze kugwemeke ukungena kwanoma wubani nanoma yikanjani emininingwaneni yabanye abantu. Ukusebenza kwale system kuyabhekwa futhi kuyahlolwa njalo ngosuku ukubheka ukuthi akwenzeki lutho olusolisayo nolungaba yingozi. Uhlelo lokugcina lokulawula ukusebenza kwale system luzobandakanya ukufaka ukwenziwa kwesizinda esibhekele ukusebenza kwezokuphepha noluzoza nezixazululo zezinkinga ezinjena, okuzokwenza ukuthi kukwazi ukubikwa ngeminyakazo esolisayo, bese kuhlale kubuyekezwa ukuze kuhambisane nesikhathi. I GEPF ne-GPAA isazibophezele ukuqinisekisa ukuvikela imininingwane yabantu eyimhlo, futhi bonke abathintekayo esigamekweni esedlule bathintwa bazizwa ngokwenzekile ngesitatimende sabezindaba esanamekwa kuma-website ngoMashi 20 wango-2024, futhi kwakhishwa nesinye isitatimende ngoSepthemba 2024 ukwazisa ngohlelo lokuphenya olwase luqaliwe. I-GEPF ne-GPAA isifake yona imininingwane yalesi simo kwi-website ethi: www.gepf.co.za nethi www.gpaa.gov.za ngokwehlukana kwawo, ukulandisa ngokuphelele ngezokuphepha njengokuyalela kwesigatshana somthetho iSection 22 of Protection of Personal Information Act 4 yango-2024. Ngaphezu kwalokho, kuzoqhutshekwa kwaziswe abantu uma kunokunye okufuze lokhu okwenzekayo. Uma umuntu edinga eminye imininingwane noma kukhona okungamcaceli kahle, engavakashela amahhovisi ukubika ngalokho.

Kukhishwe ngu Government Employees Pension Fund

Like what you see? Share with a friend.

Founder of SAAS First – the Best AI and Data-Driven Customer Engagement Tool


With 11 years in SaaS, I’ve built Million Verifier and SAAS First. Passionate about SaaS, data, and AI.

Share with your community!

In this article

Related Articles

GEPF DAY IN JOZINI. ARE YOU A GEPF ACTIVE MEMBER OR BENEFICIARY RESIDING IN JOZINI AND SURROUNDING AREAS IN KWA-ZULU NATAL?

The GEPF will be hosting a session to inform and educate members

ARE YOU A GEPF MEMBER AGE 54 TO 65? IN NEWCASTLE AND SURROUNDING AREAS?

DATE: Thursday, 18 September 2025VENUE: Newcastle Farmers Hall, Airport Industrial, NewcastleTIME: 08h00

GEPF DAYIN DUNDEE

Are you a GEPF active member or beneficiary residing in Dundee and

THE GOVERNMENT EMPLOYEES PENSION FUND (GEPF) TO IMPLEMENT REVISED ACTUARIAL INTEREST FACTORS FOLLOWING 31 MARCH 2024 STATUTORY ACTUARIAL VALUATION

NoticeDate: 01 September 2025 The GEPF will implement updated actuarial interest factors

GEPF DAY INVITING: ACTIVE MEMBERS SPOUSES AND BENEFICIARIES IN Witbank

DATE: Saturday, 23 August 2025TIME: 08h00 to 16h00VENUE: Emalahleni Civic Centre, cnr.

Invitation to attend a pre-retirement workshop for GEPF members age 54 to 65 in Kabokweni

DATE: Wednesday, 20 August 2025TIME: 08h00 to 15h00AREA: Kabokweni, NelspruitVENUE: The Alliance